fbpx
Freedom Front Plus
Search
Freedom Front Plus

UKUHLUMELELISA NOKUVUSELELA

Asiyakhe kabusha iNingizimu Afrika! Uhlelo lwe-FF Plus lokwakha kabusha lunikeza izisombululo ezisebenzayo nethemba lokwakha ikusasa elingcono. Lubandakanya lokhu:

  • ohulumeni bamaqembu amaningi abazokhipha i-ANC emandleni nokunqanda ukwehla kweqophelo lempilo esibhekene nakho njengamanje;
  • uhlelo lokuhweba ngokukhululeka nolukhuthaza ukuhlumelelisa nokuvuselela;
  • ukusungula uhulumeni omncane, oyindikimba onendima enciphile ezimpilweni zezakhamuzi;
  • ukuvuselela ohulumeni basekhaya;
  • imiphakathi ezimele njengezinsika nezibonda zokwakha;
  • Ukuthuthukisa ilungelo eliyisisekelo lomthethosisekelo lokuzimisela nokuzibusa kwemiphakathi; kanye
  • nokuqeda nya ngemithetho ebandlulula ngokwebala.

ISibophezelo Senhlangano (Imanifesto) ye-FF Plus ngamafuphi:

ISibophezelo Senhlangano (Imanifesto) ye-FF Plus Nohlaka Lwenqubomgomo kusebenza njengohlelo lokwakha lokusombulula izinkinga ezibeke kakhulu iNingizimu Afrika ngaphansi kwengcindezi kanye nokuletha ukuhlunyeleliswa. Lokhu okulandelayo kungumnyombo walolu hlelo lokwakha:

  • Ukukhuthazwa kohlelo lokuhweba ngokukhululeka kanye nokufinyelela amathubeni ngokulinganayo.
  • Ukusungulwa kukahulumeni omncane, osebenza ngokushesha nongenakungenelela okukhulu ezimpilweni zezakhamuzi.
  • Ukukhuthazwa kombuso lapho wonke umuntu elingana phambi komthetho futhi kuqedwe zonke izinhlobo zenkohlakalo.
  • Ukuqedwa kwezinhlelo ze-Affirmative Action (Uhlelo Lokuqondisa) ne-Black Economic Empowerment (Ukuthuthukiswa Kwabamnyama Kwezomnotho) ezigxile kwabohlanga oluthile; ukusetshenziswa kwezimo zenhlalo-mnotho njengemibandela yokuhlomisa nokukhuthaza amathuba alinganayo kubo bonke.
  • Ukwaziswa kwelungelo lomthethosisekelo lokuzibusa kwemiphakathi futhi elaziswa umhlaba wonke.
  • Ukusungulwa kwemikhandlu yomphakathi.
  • Ukunikezwa kwezifundazwe ukuzimela okwengeziwe.
  • Ukusungulwa kohlelo lohulumeni basekhaya oluncane nolugxile kakhulu emiphakathini yasendaweni.
  • Ukusungulwa kophiko olukhethekile oluphenyayo oluzophenya izinsolo zezenzo eziphambene nomthetho zezikhulu zomasipala – okuhlanganisa nokwaphulwa komthetho wezemvelo.
  • Ukuncishiswa kwezindleko zombuso; ngokwenza iminyango yamabhizinisi kahulumeni izimele; ukwandisa imali engeniswa umbuso ngokugqugquzela ukukhula; ukunikeza usizo lwentela; kanye nokusungula ikhomishana yezezimali zombuso.
  • Ukuvikelwa kwamalungelo abanikazi bezindawo abazimele.
  • Ukutshalwa kwezimali ekuthuthukisweni nasekulondolozeni igridi yokudluliswa kwamandla kagesi; ukubhekana nokwebiwa kukagesi kanye nengqalasizinda yamandla kagesi evikelekile; ukukhuthaza ukushintshela emithonjeni yamandla avuselelekayo, njengamaphaneli yemisebe yelanga; ukuphothula ukuhlukaniswa kuka-Eskom ube izinhlaka ezihlukene; ukunciphisa imingcele edalwa yizinqubo zikahulumeni ezithemelezayo ezihlobene nokunikezwa kwamalayisensi okuphehla ugesi wangasese; kanye nokwakha isimo esikahle sokulawulwa kokuphehlwa kukagesi ngokuzimele kanye nokuncintisana kulo mkhakha.
  • Ukuchitshiyelwa komthetho ovimbela abasebenzi ukuze kuthuthukiswe ukwakhiwa kwamathuba emisebenzi kodwa kube kusagcinwe izinqubo zezabasebenzi ezinobulungiswa; ukwakha isimo esikahle sokuthi umkhakha ozimele udale amathuba emisebenzi amaningi; kuqedwe umkhuba ongemuhle wokuthi uhulumeni avule amathuba emisebenzi engazinzile.
  • Ukugcinwa kweqophelo eliphezulu lemfundo lapho imfundo yolimi lwebele itholwa yibo bonke abantu kuze kufike emazingeni aphezulu kakhulu, futhi eqhutshwa abazali nomphakathi.
  • Ukuthuthukiswa kweminotho yendawo ezimele futhi kusungulwe Izizinda Zezomnotho Ezikhethekile ezisebenza kahle.
  • Ukuqaliswa kokusebenza kokuvikelwa kwentela, ucwaningo, ukusiza ezinhlekeleleni kanye nokwakhiwa kwengqalasizinda ukuze kuzuze abalimi abalimela ukuziphilisa nabalimi abalimela ukuthengisayo.
  • Ukusungulwa kohlaka lwenqubomgomo ehambisana nemvelo futhi kusetshenziswe ngempumelelo umthetho wezemvelo ukuze kwakhiwe izimo ezivumayo zemisebenzi yezolimo esimeme, yamahlathi kanye nokudoba.
  • Ukwabiwa kwezabelo zabadobi abadobela ukuziphilisa emiphakathini esezindaweni ezisogwini nasezindaweni ezizungezile, kuyilapho kuvinjelwa izinkampani zangaphambili nokuxhaphaza.
  • Izwe kufanele lihlukane nemikhiqizo, imikhuba kanye nemithombo yamandla elimaza imvelo; kuyekwe ukungcolisa futhi kukhuthazwe ukusetshenziswa kwezinto kabusha; kubekwe phambili amandla avuselelekayo; kunikezwe izaphulelo zentela kubantu ngabanye namabhizinisi asebenzisa eminye imithombo yamandla.
  • Kuqaliswe ukusebenza kwezinyathelo zokuvimbela ukuphenduka kwezindawo ugwadule futhi kukhuthazwe ukuvuselelwa kwenhlabathi ezindaweni lapho inhlabathi isiphenduke khona ugwadule.
  • Ukubhekana nokusilela komthetho khona ekuqedeni udlame olusekelwe ebulilini kanye nokudlwengula.
  • Ukuvuselela umthetho nokuhleleka ngokwakha izikhungo ezikhethekile zobugebengu obunodlame, ukushushumbiswa kwezingane nabantu, ubugebengu obuhleliwe, udlame lwamaqembu ezigelekeqe, ukushushumbiswa kwezidakamizwa kanye nokubulawa kwabanikazi-mapulazi.
  • Ukuhlinzekwa ngokunakekelwa kwezempilo okuseqophelweni eliphezulu ngokubeka phambili ubuchwepheshe kunezinguquko; ukuqedwa kokulawulwa ngokweqile kwezikimu zezokwelapha; ukuthuthukisa ingqalasizinda yokunakekelwa kwezempilo yomphakathi; ukusungula ukubambisana phakathi kwemikhakha yokunakekelwa kwezempilo kahulumeni kanye nezimele; ukuchithwa koMthethosivivinywa we-NHI.
  • Ukuthuthukiswa kwamalungelo olimi kanye nobulimi-ningi.
  • Ukwakhiwa kobudlelwano namazwe angaphandle ngokuhloniphana futhi kuhanjiswe phambili amazwe iNingizimu Afrika esivele inobudlelwane nawo noma engasungula ubudlelwano obuqinile nawo kwezohwebo.
  • Ukuqinisekiswa kokulawulwa kwemingcele okusebenzayo nokubuyisela ubuqotho emingceleni yezwe lethu futhi okuzoqeda nya ngokushushumbiswa kwempahla engekho emthethweni, njengezibhamu nezidakamizwa, ukungena emingceleni yethu kanjalo nokungena kwabantu kwamanye amazwe ngokungemthetho.

 

Izindawo okugxilwe kuzo

Le Manifesto ihlinzeka ngohlelo lokwakha oluhlanganisa izihloko eziyishumi okugxilwe kuzo emkhankasweni we-FF Plus wokhetho.

  1. Ukwakhiwa kombuso omusha obonisa ukwazisa ukwahlukahluka futhi ukhuthaze ukuzimela kwemiphakathi.
  2. Ukuqedwa kwenkohlakalo nokuqashana ngobuqembu ukuze kusonjululwe inkinga yezimali kahulumeni, ingqalasizinda ewohlokayo kanye nokungalethwa kahle kwezidingongqangi.
  3. Ukuvuselelwa kohlelo lokuphakwa kukagesi ngokwethembekile.
  4. Ukwakhiwa kabusha komnotho ngokukhuthaza uhlelo lokuhweba ngokukhululeka, ukuvulwa kwamathuba emisebenzi kanye nokuvikelwa kwamalungelo abanikazi bezindawo abazimele.
  5. Ukubuyiselwa komthetho nokuhleleka, ukubekwa eqhulwini kokuphepha nokuvikeleka kwezakhamuzi, kanjalo nokuqinisekiswa ukulawulwa kwemingcele okuyimpumelelo.
  6. Ukubuyiselwa kweqophelo eliphezulu nokunakekelwa kwezempilo okufinyelelekayo.
  7. Ukulondolozwa kwemvelo kanye nezakhi zemvelo ngentuthuko esimeme.
  8. Ukukhuthazwa kweqophelo lemfundo eligxile olimini lwebele emphakathini.
  9. Ukusungulwa kwezimo ezivuna ezolimo, ezamahlathi nezokudoba, ngenkathi futhi kuvikelwa ukutholakala kokudla.
  10. Ukwakhiwa kwengcebo ngokuhlonyiswa kwangempela ngaphandle kwezinqubomgomo ze-Affirmative Action kanye ne-Black Economic Empowerment – ukukhuthaza ukufinyelela emathubeni ngokulinganayo.

Asakhe ikusasa elingcono!

Wil jy voortgaan in Afrikaans of Engels?

Kies hieronder.

Would you like to continue in English or Afrikaans?

Choose below.